Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

AMADLOZI
Isizwe samaZulu siyabahlonipha abantu abalele. Laba bantu asebalala
babizwa ngokuthi amadlozi noma izinyanya. Kunenkolelo yokuthi idlozi yilona
elibheke abantu bakubo abasaphila kulo mhlaba. Kubalulekile-ke ukuba
bahlonishwe noma bengasabonwa ngamehlo. Asibakhumbule laba bantu
futhi singabalibali.
Ayahlonishwa kakhulu amadlozi ngoba kukholakala ukuthi anamandla
amakhulu. Amandla awo abonakala lapho umuntu evelelwa yizinhlanhla
okukholakala ukuthi zilethwa yiwo amadlozi. Yingakho kufanele umuntu
edamane ewahlabela ewabonga. Phela idlozi liyabhekelwa. Kanjalo uma
umuntu ehlaselwa amashwa kuye kubonakale sengathi idlozi lakubo
limfulathele. Kufanele ahlabe ashweleze ngoba usuke ewathukuthelisile
amadlozi akubo.
Uma umuntu enento ethile ebalulekile afuna ukuyenza uye acele izinhlanhla
kuwo ukuze izinto zakhe zimhambele kahle. Isilwane siyahlwatshwa bese
inyama ibekwa emsamo kanye notshwala ukuze bayibone bese idliwa
ngosuku olulandelayo
Idlozi lingaziveza ngezimo ezahlukahlukene okungaba yizimo zezilwane
ezifana nezinyoka, amashongololo, izithwalambiza amabhubesi nezinye.
Zonke lezi zilwane ziyahlonishwa azibulawa ngoba zisuke zibika okuthile
kulowo mndeni. [Own source]
4.1 Tomula igama elitholakala emshweni woku-1 eliqukethe umqondo
wokuhlonipha. Phinda ulisebenzise leli gama emshweni ozakhele
wona selenza umsebenzi wokulandisa. (2)
4.2 Khipha imisho eqondile equkethwe umusho ombaxa odwetshelwe
emgqeni wesi-4. (2)
4.3 Nikeza umqondo wesakhi esidwetshelwe egameni elisemgqeni wesi-6.
4.4 Nikeza igama elimqondofana kuleli elibhalwe ngokugqamile emgqeni
we-16. Phinda ulisebenzise leli gama emshweni ozakhele wona
likhombise ukuthi uyayiqonda incazelo yalo. (2)
4.5 Khetha impendulo eyodwa kwezilandelayo.
Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile sichaza …
A ungazifaki othandweni ngoba ulinga idlozi.
B ungalingi idlozi ngoba lingahle lithukuthele.
C ungazifaki engozini ngoba uthembe idlozi.
D ungalicabangeli idlozi ngoba aliludingi usizo. (1)
4.6 Sebenzisa isingasenzo esitholakala emgqeni wesi-7 emshweni
ozakhele wona

4.1. Amadlozi

4.2. Inkunzana
4.3. Isikhathi
4.4. Umlingane
4.5. B ungalingi idlozi ngoba lingahle lithukuthele.
4.6. ukuthukuthele